Full Lyrics
Verse 1
Lenan' izulu ngeculo lami!
Ngithethelelwe izono zam',
UJesu wafa ndaweni yami;
Izono zam', zikude nam';
Njeng' enhlukano yempumalanga,
Nenshonalanga, zikude le —
Ushilo njalo, akanamanga,
Ngithemba kuye, ngimbonga nje.
Verse 2
Sengiyahamba ekukhanyeni,
Igazi liyangihlanza, qhwa!
Uyangigcina nasothandweni
Ngiphaswa njalo ngomusa, bwa!
Nonxa ngilize la' othulini,
Ngiyindlalifa yenkosi le,
Imfuyo yami isezulwini,
Igcinwe kahle impela, he!
Verse 3
Nalenjabulo esenginayo
Ngingeyaphucwe umuntu, qha!
Inxa ngihlezi ngizindla njalo
Imiyalo yakhe — inzima na?
Lihlala kimi, ngihlala kuye.
Nguyen' owenz' umsebenzi la.
Kozinikela, aphathwe uye,
Usamnqobela nezitha nya.